BACK TO THE HOME PAGE

Izwe lase-China lizoyekela  ukumbiwa kwamalahle e-Africa:  okuwukunqoba okukhulu emphakathini wase-Africa obukade uphikisana nalesisenzo.

22  wenyanga ka-Mandulo  2021 - Namhlanje, izinhlangano zomphakathi ezingaphezu kwekhulu namashumi amabili (120) zase-Afrika kanye nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni ziyahlangana ngezikhungo zokuxhumana nge-inthanethi (virtually) ku-African Coal Conference yesithathu zamukela isitatimende sikaMongameli wase-China u-Xi Jinping sokuthi iChina angeke yakhe phesheya amaphrojekthi amasha kagesi aphehlwa ngamalahle.

Umhlangano ubona lokhu njengokunqoba kwezinkulungwane zezishoshovu zomphakathi ovela eLamu, eKenya;  naseSengwa naseHwange, eZimbabwe; Nase-Ekumfi, e-Ghana; e-Senegal; e-San Pedro, e-Ivory Coast; e-Makhado, e-Ningizimu Afrika kanye namanye amasayithi amaningi kuyoyonke  iGlobal South abaphonsele inselelo ohulumeni babo kanye ne-China, bashaya phansi ngonyawo bengayivumi lena yamalahle.

Lengqungquthela ihlangane kusukela ngoMsombuluko, ngomhlaka 20 enyangeni ka-Mandulo futhi ilalela ubufakazi babagqugquzeli bomphakathi abavela emazweni angaphezu kwamashumi amabili (20) kulo lonke  elase-Africa lapho bebaphonsela khona inselelo bephikisana nalento yamalahle.  Ngalokhu kuhloswe ukuthi kumiswe amalahle futhi kuqalwe ushintsho olulungile emiphakathini yethu nasemazweni wethu.

Inguquko efanele kufanele ilethwe ngentando yeningi evulekile lapho abantu bengabumba khona ikusasa lemiphakathi yabo.

Ukuzibophezela kwenqubomgomo eyenziwe yiChina kukhuluma ngezikhungo zokuphehla ugesi ngamalahle, okuyinto eyodwa enamandla amakhulu eshisisa iplanethi kuze kufike ezingeni  lokuthi uNobhala-Jikelele we-UN u-Antonio Gutteres izolo wethe isexwayiso asibiza ngokuthi "ngokukhuphuka kwamazinga okushisa asezingeni elifana nasesihogweni" – okubangelwe kususelwa emlilweni ogqamile wehlathi osatshalaliswa kusuka eSiberia kuya eSeattle - ingasaphathwa-ke imvula enkulu nezikhukhula - ezenzekile ehlobo laseNorthern Hemisphere elibhubhise ladala izinhlekelele kakhulu.

Kodwa sibekela uMongameli Xi inselelo yokuthi aqede ukwesekwa yizozonke izikhungo zaseChina - ezizimele, ezikahulumeni, izinhlangano ezizimele, ezezimali, umshwalense, abangenisi, noma ama-proxies etc - ezigcina izimayini zamalahle zase-Afrika, izitshalo nezinye izingqalasizinda zisakhiwa noma zihleliwe. Ukungeniswa kwamalahle wamaShayina avela eMozambiki naseNingizimu Afrika bekulokhu kwanda, njengesibonelo esisodwa. Izinhlelo zeMusina-Makhado Special Economic Zone - ezaqalwa nguNing Yat Hoi obekade esohlwini lwe-Interpol ngezenzo zakhe zenkohlakalo eZimbabwe - ziqhutshelwa phambili ngesivinini esikhulu futhi zifaka phakathi ugesi wama-Mega Watts ayinklungwane eyodwa namakhulu amathathu anamashumi amabili (phecelezi 1320MW) ophehlwa ngamalahle.

Sicela iChina ibe nguzakwethu onokwethenjelwa ekusekeleni isigaba esivuselelekayo e-Afrika, ikakhulukazi esizophendula izidingo zabantu kuqala esikhundleni sezinkampani ezinkulu zezimayini nezokuncibilikisa izwekazini. Sigcizelela ukuthi i-generation ezayo yamandla atholakala elangeni, aphehlwa ngomoya, okugcina amanzi ampontshiwe namandla asetshenziswayo asuselwa emandleni aqhutshwa ngentando yeningi nakwezabanikazi bezenhlalo, kunokuba kube ngumuntu okhipha izinto ezimbiwa phansi onakalise izingxenye eziningi ze-Afrika kanye nomhlaba ngokusebenzisa i-anti democratic war kubantu nasezindaweni zabo.

Ushintsho olufanele kumele lusho ukuthi ukuzibophezela okuvela eChina - kanye nokukhokha esikweletini sesimo sezulu e-Afrika, njengoba nje wonke amazwe aseNtshonalanga, i-BRICS kanye nabanye abangcolisi be-mega-polluters besikweleta izinhlawulo - kube yisenzo esihleliwe futhi esisetshenziswayo futhi siqashelwe yiwo wonke amazwe ethu lapho kukhona khona ubudlelwane obuqinile obusemthethweni neChina. Manje sinxenxa abanye ohulumeni nabatshalizimali ukuba balandele futhi baqinisekise ukuthi kuthathwa izinyathelo eziphuthumayo ezizovumela ukuthi kuthathwe izinyathelo zangempela mayelana nokuguquka kwesimo sezulu, izikweletu zesimo sezulu, kanye nezinxephezelo ezizokhuluma ngezibopho zesimo sezulu ezilinganayo futhi ezicubungula ukukhishwa komlando. Sifuna isenzo esiqinile, esizwakalayo - hhayi kakhulu imigilingwane yokubalwa kwezimali ye- “Net Zero” engancikile ekuncikeni kokukhohliswa okuyimbumbulu, izixazululo zamanga ezinjengokubanjwa nokugcinwa kwe-carbon kanye nezimakethe ze-carbon eziguquguqukayo.

Siphinde siveze ubumbano lwethu nemiphakathi yaseChina ethinteke ezimayini nasekushiseni kwamalahle. Njengase-Afrika nje, bathola ukungcoliswa okukhulu, imithelela emibi yezempilo kanye nokucekelwa phansi kwezindawo zezemvelo. Futhi iChina uqobo ibhekene nemithelela eqinile yesimo sezulu. Lemithelela ayikhawulelwanga eChina kuphela. Ngakho-ke sicela uhulumeni wase-China ukuthi alandele isinqumo sakhe sokuqeda ukweseka kwakhe kumaphrojekthi wamalahle aphesheya ngokuqala inguquko efanelekile yokuqeda amalahle ekhaya.

Ngamafuphi, sigqugquzela ukuphila nokudlondlobala kwethu thina bantu kanye nokusinda nokuphila nezinye izidalwa nezitshalo zakulomhlaba, futhi sikwenza lokho sigcizelela ukuthi kube khona ubulungiswa besimo sezulu namandla ukuze kungabikho abasebenzi, amalunga emiphakathi kanye namazwe asala asesimweni esibucayi.

__________________

Mawufuna imininingwane eminingi xhumana no:

Lorraine Chiponda
Africa Coal Coordinator
lorraine@groundwork.org.za
+263 7 72522018